Saturday, November 13, 2021

Zanele Mashinini Ndodana in memory of Malume Delane Daylight Mashinini and MaMloyi

Zanele Peter Mashinini - ZanMah


Ndodana in memory of Malume Delane Daylight Mashinini and MaMloyi

Ngikhumbula ngihlangana naye Orlando East e-Circleni duze nakwa Kopane Funeral Parlour, kulama-shops are opposite. Ngikhumbula my twin cousin brothers u-Bra Sam no Zakes bebevule (Hair salon) indawo yoku lungisa izinwele ye-fashion during the period ye popular S-Curl elokshini which was first promoted by Felicia Mabuza Suttle from the the USA. U-ZanMash wafika kune-Free promotion ehamba ne-group yama friends akhe. Waba nenhlanhla wathola ke naye S-Curl treatment yezinwele zakhe ngoba bezizinkulu futhi zizinhle. [kanti i-family nje inezinwele ezinhle]

Ukumbona kwami wangikhumbuza amazingly u-Malume wami owashona ngisemncane u-Adam Mashinini [structuraly or i-Physic yakhe i-comical and cartoonish njengawe ZanMash] e-Bloemfontein – nangempela ngathola ukuthi usiyihlobo sami ngo-Mama wami u-Nomaseko Mashinini. U-Adam uye owangi introdusa eku-understandeni ukufa because ngangicala ukubona abantu abadala bekhala and I was confused as umntwana. Later from time to time sasihlangana njalo mangise Orlando East. Ngaze ngaya nasekhaya ukuyohlangana no-Malume uDelane Daylight Mashinini no-Malumekazi uma-Mloyi. Bajabula kakhulu ukuthi sazane nokubonana.

Ekuhambeni kwesikhathi sabuye sahlangana - u-ZanMash seka interested ku-Art ne-Poetry kanye ne-Theatre nothando lo-Music kanye ne-Photography futhi besi jwayele ukuhlangana kwezom-Mzabalazo. Later wangitshela ngomfowabo u-Minus owayese-exile, ebased e-Swaziland. Owahamba ngo-1976. Saze sahamba komunye unyaka sayohlangana naye ekhaya kwa-Mahlanya eLobamba. Lapho owahlanga nobaba u-Malizandla Nhlabatsi kanye nomndeni wasekhaya. U-ZanMash kanye nomfowabo u-Nuwe be-b busy bebhala nomfowabo omdala yena u-Minus osewashona ngenxa yezoMzabalazo – ngiyathemba izopublishwa kungekudala ezoba isikhumbuzo.

Ekuhambeni kwesikhathi lapha eMzansi nami ngangi busy ngoku-pruducer ama-artworks for Raven Press eyayi publisher i-Staffrider imagazine eyayi supporter umphakathi owawuthanda ukubhala i-Protest poerty kanye nemibhalo yoMzabalazo. Ama-editor kwakungu-Jaki Seroke kanye no-Mothobi Moutloase kanye ne Director uMike Kirkwood. Nami kelapho ngahlangana no Kevin Humprey owasuggester ukuthi siqale i-Graphic Studio eyoku-producer izincwadi ezazishiqilelwa yiyo Raven Press. Sayiqalake sayibiza ngokuthi i-Graphic Equaliser lapho esa–sebenzisana no-Andy Mason a cartoonist, Reedwaan Vally owaba yi-Typesetter kanye Caroline Cullinan. Ezinye iznhlanganiso ebesisebenzisana nazo yilezi [The Release Mandela Campaign, SACC, New Nation, SACHED Trust, Learn & Teach, various Workers Unions, Student Organistions, Black Conciousnes Movements, Africanist organisations and Weekly Mail to name just a few grassroots organisations].

Ngenxa yokuqina kwezamaPhoyisa e-Apartheid bekunzima ukwenza imali engasilingana sonke, babesibheke njalo ngehlo-loKhozi. 

Ekuhambeni kwesikhathi sayishintsha iGraphic Equaler sayenza indawo yokufundisa ama-up and coming artists amancane nge Graphic design. Umfundi wethu wokuqala kwaba uMpikayipheli Figlan, kwalandela uZanele Mashinini kanye no-Jasper Galela. Ekuhambeni kwesikhathi ngabuyela e-SACHED Trust lapho engagisembenza khona kudala. Ekuqedeni ukufunda uMpikayipheli Figlan wathola umsebenzi e-SABC then laba-ababili bangilandela baya e-SACHED Trust. Lapha ke wathola indlela yoku-supporter ifamily yakhe encane ngoba ubese eshadile.

U-Zanele e-SACHED Trust waye muntu osiza kakhulu kwezo-sebenzi kanti waye thumeka kalula – ahands on. Ngangimcela ezikhathini eziningi eziningi ukuthi ayongilandela abantwana bami ababe funda e-Morning Side e-Red Hill. Indodana yami encane yayifanele iyothwasa Lusikisiki e-Eastern Cape bude budeze nase Magwa falls [not far from the Eastern sea Coast [Wild Coast Region]. Indawo yakhona ayinama Taxi therefore kuhanjwa ngezinyawo for roughly two and half hours and having to cross two rocky rivers – wehla intaba uhamba phakathi ehlathini [icellphone network ayikho]. 

Abafana namantombazane bakhona kuba yibo ama-porter abathwala izimpahla zakho bakukhaphe ukuya nokubuya. Kulaba abathanda insango yindawo abangayijabulela ngoba imila yonke indawo nasemahlathini. Namaphoyisa awazihluphi ngokuyobabopha ngoba angalahleka emahlathini. U-Zanele ukhaphe indodana yami three times ukuyakhona. Mina ngiye kanye kuphela ngoba ukuhamba ama-hours angaka kunzima. Laphaya mawuzo-Lobola izinxoxo sezi hambe kahle – nibuyela emuva banipha isaka lonke lensango. Ngikhumbula i-Commander ye-SANDF [South African National Defence Force] yayiyoLobola yazi thola isekingeni ngaleso simo ngoba bamupha isaka leNsango waxakeka ukuthi uzolenza njani mayebuyele khaya kuma Roadblocks.

Ngenxa yesimo seze Politiki kwafika [ama-negotiations] isikhathi la amakhehla ayevalelwe e-Robben Island akhululwa njengo Rolihlahla Mandela kanye no Walter Sisulu nabanye kwaba ne-CODESA emva kwalokho. Abatshala izimali ama-funding partners ba-overseas base-bayanciphisa ukusiza ngezimali kuma NGO ngoba bethi inkululeko seyifikile. Ngalokho I-Sached Trust yavalwa sehlukana lapho mina ngaya Maskew Miller Longman yena waya eDepartment of Health kwi-AIDS Unit lapho asebenza ngokuzimisela okukhulu. Ekuhambeni kwesikhathi sabuye sahlanga masengisebenza e-Gauteng Premiers Office kwi-period ka-President Thabo Mbeki kanye no-Sam Shilowa lapho esasebenzisana futhi kahle kakhulu.

U-Zanele esikhathini esiningi waye ngumuntu onokunyamalala. Uma umbuza ukuthi bowukuphi athi bengise-Mozambique or a Cape Town or bengise-Zimbabwe ngiyo Thwasela ubungoma. Anyamalale futhi athi yayi ngise Siluma View nakhona ngisaqhubeka nezinto zedlozi. Maye nginikile i-address ngiye ngiyomhlola. Wabaluncedo kakhulu kumfothu omncane owaye phuma ukuyofunda e-Kenya enezinkinga zoMzabalazo. Kwesinye isikhathi athule du ungazi ukuthi uyomfunela laphi.

Ngakwezenhlala kahle waye umuntu enezonkinga zomoya njengawo wonke umuntu ezimenza ukuthi abe umuntu ongathi uthanda ukuzula nokunyamalala. Emva kokushona kwadadewabo uKhosi wanyamalala waya Durban lapho aye sebenzisana nabathandi bezama-Museums kanye nezihambelana ne-Art ababizwa ngokuthi Phansi Museum Trust. Kulapho ke ukugula kuyekwamfica khona kwaze kwa thatha impilo yakhe sisa linde lukhulu kuye.


No comments:

Post a Comment

Tribute: Durant Sihlali (1935-2004) by Colin Richards It came as a shock to hear of the untimely death of Durant Sihlali. I knew this except...